IMG_20160716_102232473

I-MeerKAT Ithola Obekungaziwa eMkhathini

UMSHINI wokucwaninga izinkanyezi ozoba omkhulu kunayo yonke emhlabeni uvulwe ngokomthetho esifundazweni se-Northern Cape ngoMgqibelo odlule. Lomshini wakhiwa abacwaningi nonjiniyela bakhona la eNingizimu Afrika. Ukuvulwa kwalomshini kuhambisane nomcimbi obukade unalabo bezindaba kanye nongqongqoshe abaningi. Lomshini osebenzisa amagagasi omsakazo ukucwaninga umkhathi uzoba nezindishi ezingama-64 kodwa okwamanje zisawu-16. Izindishi lezi zibukeka ziphinde zisebenze njengalezi ezitholakala ezindlini ezinenhlanhla yokuba…

1-israelfindma

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki 14 July 2016

Isomiso sisilungiselela okuzayo, kutholakale amathambo asebhayibhelini, owesifazane omusha kwi-NASA, konke lokhu kutholakala kwi Shisa Sayensi! Isomiso sisilungiselela ukushintshashintsha kwemozulu Isomiso esesishaye amazwe aseningizimu yezwekazi le Afrika, sibonakala njengethuba lokhuthi lawamazwe akwazi ukuzilungiselela njengoba isimo semozulu siguquka umhlaba wonke. Lona umbono wabacwaningi baseNyuvesi yaseKapa abenza ucwaningo ngomonakalo odalwa isomiso emazweni ase Mozambique nase Namibia. Njengoba isimo…

juno_160701

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki 07 July 2016

Kusukela kwababhema ama-habli kuze kufikwe kunonzungezilanga omkhulukazi, nansi isayensi yeviki; Shisa Sayensi! Baningi abafundi ababhema ipayipi lamanzi Ukubhenywa kwepayipi lamanzi (hubbly) sekubonakala kwanda emiphakathini wezikhungo zemfundo ephakeme kwisifundazwe se-Western Cape. Lokhu kutholakale kucwaningo obelenziwa eNyuvesi yeKapa. Abacwaningi bathole ukuthi lokhu kubhema kwande ngenxa yokuthi lelipayipi libhenywa uma abantu behlangene njengabangani uma bexheketha. Bayaxwayisa kodwa abacwaningi…

Source: 200ysa.mg.co.za

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (30 June 2016)

  Nazi izindaba ezibe amangqampungqampu kwezesayensi eNingizimu Afrikha evikini. Shisa Sayensi! uNozipho Gumbi uqhubeka nadume ngakho UNozipho Gumbi, ongusoSayensi ngokusho kwephephandaba iMail and Guardian ungomunye wabantu abasha abangama-200 abavelele. uGumbi ubalwe nabantu abasha abenza umnyakazo ezweni laseNingizimu Afrika bebonakale ngemisebenzi yabo emihle. uGumbi ungowesifazane uligugu kulomkhakha wezeSayensi, njengoba esanda kunqoba umncintiswano wosoSayensi nowamyisa  ezweni laseNgilande…

7960e7573c8546b3abd01a0ed7cf0801

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (21 June 16)

Nansi isayensi yeviki esuka eNingizimu Afrikha kanye nomhlaba wonke. Izambane kumele libukwe njengesitshalo esiyisimanga Izambane libukeka njengesitshalo esejwayelekile kubantu abaningi. Ungaze ungakuboni ukubaluleka kwalo uma ungenalo ulwazi ngomsoco ogcwele kulo. Ososayensi baseNyuvesi yasePitoli benze ucwaningo ngezinhlobo ezahlukene bathola ukuthi amazambane anomsoco ukudlula izitshalo eziningi ezitholakala eNingizimu Afrikha. Uthi ubuwazi ukuthi iNingizimu Afrikha inezinhlobo zamazambane ezingama-80?…

SuperComputers

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (14 June 2016)

Nazi izindaba zesayensi eyenzeke evikini eNingizimu Afrikha kanye nomhlaba wonke. 1. Ikhompyutha eyisimangaliso eyakhiwe eNingizimu Afrikha 2. UNozipho Gumbi ufike kuma-final omhlaba wonke kwi-Famelab 3. USuku lomhlaba lokunikela ngegazi Ikhompyutha eyisimangaliso eyakhiwe eNingizimu Afrikha Onke amazwe omhlaba anamandla kumele abanamakhompyutha anamandla awasiza ukuthi axazulule izinkinga ezibonakala ziyisimangaliso. Izwe leNingizimu Afrikha selingenile nalo ohlwini lalawa mazwe…

Zanele-1_690x450_crop_80

Shisa Sayensi: Isayensi yangeviki (7 June 2016)

Ngithe uma ngibuka izindaba ezimayelene nesayensi nezobuchwepheshe ezivele kwi-website ye Scibraai.co.za. Shisa Sayensi! uNdlovu no Notho bazobona oSosayensi abakhulu OSosayensi abangabantu abasha ababili bakhethiwe ukuyomela izwe emhlanganweni woSosayensi abayizihlabane umhlaba wonke. Njalo ngonyaka kuhlangana ososayensi abaziwa umhlaba wonke ngokuklonyeliswa indondo ka-Nobel enikwa ososayensi abaziwayo ngemisebenzi yabo ebalulekile. ULuyanda Noto Kanye noSphumelele Ndlovu bakhethiwe ngokuphumelela kwabo emagatsheni…