Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki – 07 kuNdasa 2017

  Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi! Ubuthi besilwane sasemandulo Cishe asikho isilwane esisatshwa siphinde sinyanywe njengenyoka. Kusukela ebhayibhelini kuze kubekhona nakwizinganekwane, inyoka isilwane esingathembekile futhi esiyingozi. Okukhulu okwenza abantu beyisabe inyoka ukuthi iyalumana, ishaya umuntu eqakaleni imufake ubuthi obunokufa. Lokhu kuluma ngobuthi bekwaziwa kuyinto yayo inyoka kuphela kodwa ososayensi baseNyuvesi yaseWits…

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki 17 uMasingane 2017

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi! Insangu nokusetshenziswa ukwelapha Umnyango wezeMpilo usuqalile nezinhlelo ezingenza ukuthi insangu icwaningwe ososayensi baseNingizimu Afrika ukuze kuzotholakala amakhemikhali angelapha izifo eziningi. Okwamanje ososayensi abakakwazi ukuthola ukuthi yini engenza insangu ibe ngcono ekulapheni izifo okufana nezinhlungu kanye nomdlavuza. Lokhu kutholakale kucwaningo olwenziwe ososayensi abase Harvard University. Lolucwaningo lulandela olunye…

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 30 uLwezi 2016

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi! Isimanga amantombazane akha isathelaythi Ukwakha isathelaythi ezothunyelwa emkhathini lapho khona izothumela imilayezo ebalulekile phansi emhlabeni kuthatha ubuchwepheshe obumangalisayo. Yize kunjalo, iqembu lamantombazane esikole anesathelaythi ezotshuza iye emkhathini ngonyaka ozayo. Amantombazane lawa asuka ezikoleni ezahlukene ezweni lonke, aqeqeshwe ososayensi nonjiniyela abasebenza ngokwezomkhathi namasathelaythi. Izinga lokuqeqesheka kwabo selibenze…

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 25 October 2016

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi! Yavelaphi imfuyo egcwele eningizimu ye-Afrika Iningi lethu alithathi isikhathi sokucabanga ukuthi lemfuyo esiyibona emakhaya njengezimbuzi nezinkomo ukuthi ziqhamuka kephi. Esifundiswa khona ukuthi yonke imfuyo idaliwe yaba kulesi simo esikuyo kumanje nakulendawo ekuyo kumanje. Ucwaningo oluningi luyaphikisana nalokhu kucabanga njengoba umlando utshengisa ukuthi imfuyo yethu isuka emazweni…