Weed_640

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki 17 uMasingane 2017

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi! Insangu nokusetshenziswa ukwelapha Umnyango wezeMpilo usuqalile nezinhlelo ezingenza ukuthi insangu icwaningwe ososayensi baseNingizimu Afrika ukuze kuzotholakala amakhemikhali angelapha izifo eziningi. Okwamanje ososayensi abakakwazi ukuthola ukuthi yini engenza insangu ibe ngcono ekulapheni izifo okufana nezinhlungu kanye nomdlavuza. Lokhu kutholakale kucwaningo olwenziwe ososayensi abase Harvard University. Lolucwaningo lulandela olunye…

Source: www.sciencealert.com

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 30 uLwezi 2016

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi! Isimanga amantombazane akha isathelaythi Ukwakha isathelaythi ezothunyelwa emkhathini lapho khona izothumela imilayezo ebalulekile phansi emhlabeni kuthatha ubuchwepheshe obumangalisayo. Yize kunjalo, iqembu lamantombazane esikole anesathelaythi ezotshuza iye emkhathini ngonyaka ozayo. Amantombazane lawa asuka ezikoleni ezahlukene ezweni lonke, aqeqeshwe ososayensi nonjiniyela abasebenza ngokwezomkhathi namasathelaythi. Izinga lokuqeqesheka kwabo selibenze…

cow-759018_960_720

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 25 October 2016

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi! Yavelaphi imfuyo egcwele eningizimu ye-Afrika Iningi lethu alithathi isikhathi sokucabanga ukuthi lemfuyo esiyibona emakhaya njengezimbuzi nezinkomo ukuthi ziqhamuka kephi. Esifundiswa khona ukuthi yonke imfuyo idaliwe yaba kulesi simo esikuyo kumanje nakulendawo ekuyo kumanje. Ucwaningo oluningi luyaphikisana nalokhu kucabanga njengoba umlando utshengisa ukuthi imfuyo yethu isuka emazweni…

Source: http://www.uct.ac.za/dailynews

Shisa Sayensi – Owesifazane nesayensi yokwakheka komhlaba

  UXolisile Donda odabuka eNquthu ukhulume nabe Scibraai ohlelweni elikhuluma ngesayensi ngelika Mageba iShisa Sayensi. Ungalalela inkulumo-ngxoxo esiyiqophe naye la: Sikhulume naye esichazela ngesayensi ayenzayo esebenzisa umshini omkhulu kunayo yonke emhlabeni i-Large Hadron Collider ephethwe inhlangano ebizwa nge-CERN. UDonda uphinde akhulume ngokuhlangana nabanye abesifazane kulumkhakha wesayensi nokuthola amazwi eknkuthazo kumama wesizwe, kungqongqoshe wezesayensi kanye nomama obekade…

IMG_20160716_102232473

I-MeerKAT Ithola Obekungaziwa eMkhathini

UMSHINI wokucwaninga izinkanyezi ozoba omkhulu kunayo yonke emhlabeni uvulwe ngokomthetho esifundazweni se-Northern Cape ngoMgqibelo odlule. Lomshini wakhiwa abacwaningi nonjiniyela bakhona la eNingizimu Afrika. Ukuvulwa kwalomshini kuhambisane nomcimbi obukade unalabo bezindaba kanye nongqongqoshe abaningi. Lomshini osebenzisa amagagasi omsakazo ukucwaninga umkhathi uzoba nezindishi ezingama-64 kodwa okwamanje zisawu-16. Izindishi lezi zibukeka ziphinde zisebenze njengalezi ezitholakala ezindlini ezinenhlanhla yokuba…

juno_160701

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki 07 July 2016

Kusukela kwababhema ama-habli kuze kufikwe kunonzungezilanga omkhulukazi, nansi isayensi yeviki; Shisa Sayensi! Baningi abafundi ababhema ipayipi lamanzi Ukubhenywa kwepayipi lamanzi (hubbly) sekubonakala kwanda emiphakathini wezikhungo zemfundo ephakeme kwisifundazwe se-Western Cape. Lokhu kutholakale kucwaningo obelenziwa eNyuvesi yeKapa. Abacwaningi bathole ukuthi lokhu kubhema kwande ngenxa yokuthi lelipayipi libhenywa uma abantu behlangene njengabangani uma bexheketha. Bayaxwayisa kodwa abacwaningi…

7960e7573c8546b3abd01a0ed7cf0801

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (21 June 16)

Nansi isayensi yeviki esuka eNingizimu Afrikha kanye nomhlaba wonke. Izambane kumele libukwe njengesitshalo esiyisimanga Izambane libukeka njengesitshalo esejwayelekile kubantu abaningi. Ungaze ungakuboni ukubaluleka kwalo uma ungenalo ulwazi ngomsoco ogcwele kulo. Ososayensi baseNyuvesi yasePitoli benze ucwaningo ngezinhlobo ezahlukene bathola ukuthi amazambane anomsoco ukudlula izitshalo eziningi ezitholakala eNingizimu Afrikha. Uthi ubuwazi ukuthi iNingizimu Afrikha inezinhlobo zamazambane ezingama-80?…