Kusukela kwababhema ama-habli kuze kufikwe kunonzungezilanga omkhulukazi, nansi isayensi yeviki; Shisa Sayensi!
Baningi abafundi ababhema ipayipi lamanzi
Ukubhenywa kwepayipi lamanzi (hubbly) sekubonakala kwanda emiphakathini wezikhungo zemfundo ephakeme kwisifundazwe se-Western Cape. Lokhu kutholakale kucwaningo obelenziwa eNyuvesi yeKapa.
Abacwaningi bathole ukuthi lokhu kubhema kwande ngenxa yokuthi lelipayipi libhenywa uma abantu behlangene njengabangani uma bexheketha. Bayaxwayisa kodwa abacwaningi ngobungozi bokubhema kwazo zonke izinhlobo ze-tobacco njengoba kulimaza impilo.
Abelaphi bahlanganyele emkhankasweni wokwelashwa komdlavuza
Umkhakha wezokwelapha ngokuvocavocisa umzimba (physiotherapy) bebebambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi nesigungu saKwaZulu-Natali sezeNgxubekwelapha Ngokuvocavocisa lapho bebedingida ngezindlela ezingasetshenziswa ukwelapha umdlavuza.
Abelaphi ngokuvocavocisa babamba iqhaza elibalulekile ekuhlinzekweni ngokwelashwa okuhlanganisa nempilo yomndeni kulabo abanomdlavuza ukuze kwenziwe ngcono isimo sempilo yabo jikelele, ngokukaDkt Sonill Maharaj ongumfundisi futho ohlele lo mhlangano.
I-NASA isithumele i-Juno kunonzungezilanga omkhulukazi
Indaba ecishe ibe enkulu kunazo zonke kuleliviki, inhlangano yezasemkhathini yaseMelika i-NASA iphumelele ukuthumela irobhothi kunonzungezilanga omkhulukazi uJuphitha. Lelirobhothi elibizwa ngoJuno lizosetshenziswa ukufunda kabanzi ukuthi uJuphitha wadaleka kanjani emandulo.
Njengoba kwaziwa ngokwezesayensi yasemkhathini ukuthi ilanga lizungezwa imihlaba eyi-8 (uma ubala nalo esiphila kuwo) akwaziwa kahle ukuthi lemihlaba yadaleka kanjani. Irobhothi leli linemishini yesayensi ezocwaninga kahle ukuthi uJuphitha, okungu nonzungezilanga omkhulu kunayo yonke, ukuthi wakheke ngani okuzonika abacwaningi ulwazi lokuthi owethu umhlaba wadaleka kanjani.
http://www.nasa.gov/press-release/nasas-juno-spacecraft-in-orbit-around-mighty-jupiter