#ShisaSayensi

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki – 07 kuNdasa 2017

 

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi!

0
Isilwane sasemandulo i-Euchambersia

Ubuthi besilwane sasemandulo

Cishe asikho isilwane esisatshwa siphinde sinyanywe njengenyoka. Kusukela ebhayibhelini kuze kubekhona nakwizinganekwane, inyoka isilwane esingathembekile futhi esiyingozi. Okukhulu okwenza abantu beyisabe inyoka ukuthi iyalumana, ishaya umuntu eqakaleni imufake ubuthi obunokufa.

Lokhu kuluma ngobuthi bekwaziwa kuyinto yayo inyoka kuphela kodwa ososayensi baseNyuvesi yaseWits bathole isilwane esasiphila emandulo, esesingasekho manje, esasinaleli khono lokulumana ngobuthi. Labososayensi bacabanga ukuthi lesisilwane, abasibize nge-Euchambersia, yiso esokuqala emhlabeni esabakhona esikwazi ukulumana ngobuthi.

Bakuthole lokhu ngokuthi babheke amathamba aso lesi silwane babona okusamgodi kwinhloko abacabanga ukuthi kulapho khona ubuthi babuhlala khona, njengazo izinyoka ezinobuthi eziphilayo manje.

5_lineup_pia21422-png
Imihlaba emisha etholakele engu-7

Kutholakale imihlaba emisha eyisikhombisa

Umhlaba wethu ungowodwa kweyisishagalombili ezungeza ilanga, kodwa njengoba kwaziwa kahle, owethu kuphela umhlaba kulemihambi (planet) enempilo okungabalwa kuyo imvelo enezilwane, izihlahla kanye nabantu.

Ososayensi benhlangano yezasemkhathini, i-NASA, sebethole imihambi eyimihlaba abacabanga ukuthi icishi ifane nowethu umhlaba lona esikuwo. Lemihambi bayithole izungeza elinye ilanga eliyinkanyezi ekhanya ngobubomvu abayibiza nge-TRAPPIST-1.

Ososayensi basebenzise izipopolo bezibhekise emkhathini ukuyibona lemihambi ekude kakhulu ngokwebanga. Kungenzeka ukuthi lemihlaba ibe namanzi nezimo ezifanele imvelo enempilo.

i_Nokia 3310 entsha
i_Nokia 3310 entsha

Intandokazi yeselula i-3310 isibuyile

Labo bethu ababephila ngeminyaka kusukela ku-2000 bayazi ngomakhalekhukhwini i-Nokia 3310. Lentandokazi yocingo yayaziwa ngokuqina kwayo, amandla ahlala isikhathi eside kanye nokuhlala kwayo ingagugi kalula. Inkampani i-Nokia iyakwazi lokhu nokuthi wawuthandwa kangakanani lomakhakekhukhwini, ingakho sebewubuyisa ezitolo.

Kodwa sebewukhulisile ngokuthi benze i-screen sibe nemibala emingingi kuphinde kubekhona nekhamera ngaphezu kwakho konke abantu abakuthandayo, okungabalwa kukho ne-game i-Snake.

Related posts

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 27 September 2016

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 20 October 2016

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki 17 uMasingane 2017

Sibusiso Biyela

I-MeerKAT Ithola Obekungaziwa eMkhathini

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 25 October 2016

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 30 uLwezi 2016

Sibusiso Biyela