Nanka amangqampungqampu ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi!
Abantu umhlaba wonke basuka eAfrika, ucwaningo
Kumhlaba wonke jikelele kukhona izizwe ezinhlobonhlobo zonke okuthiwa zisuka endaweni eyodwa; izwekazi le Afrika. Kudala kwakwaziwa ososayensi ukuthi izizwe zonke zomhlaba inkaba ziyikhomba e-Afrika lapho okwasuka khona abantu bahamba bagcwala umhlaba ngeminyaka edlulela kwengama-50 000, kodwa bekungaziwa kahle ukuthi kwenzeka izikhathi ezingaki lokhu.
Ososayansi abagxile kwezomlando wabantu (ama- paleoanthropologist) bacwaninge ufuzo (DNA) lwabantu ezindaweni eziningi umhlaba wonke bathola ukuthi impela bonke abantu basuka e-Afrika emandulo nokuthi lokhu kwenzeka isikhathi kwabakanye. Okutholakale kulolucwaningo kuphikisana nabanye ososayensi abathi bona ukuphuma kwabantu e-Afrika begcwala amazwe sekwenzeke kaningi.
Umhlola amabhubesi esifazane enzisa okwesilisa
Sekutholakale amabhubesi esifazane amahlanu okuthiwa asebukeka njengamabhubesi esilisa nokwenzwa kwawo, esiqiwini sase-Namibia. Ososayensi bebengakholwa ngokuzwa ngalezi zilwane baze bazenzela bona ucwaningo oluqinisekisile ukuthi impela lamabhubesi awesifazane asenza, ebukeka njengawesilisa.
Ngokocwaningo, kuthiwa amabhubhesikazi lawa abonakale esekhula izinwele ekhanda ebukeka okwesilisa, eze ebhonge njengawesilisa. Ngokocwaningo, lokhu kudalwa ikhemikhali ejwayele ukutholakala egazini lezilwane zesilisa eselitholakale nakuwo lawa mabhubesi esifazane. Ngaphandle kokungakwazi ukuzala, kuthiwa amabhubesi lawa ayaphila kahle ngokujwayelekile.
https://www.newscientist.com/article/2106866-five-wild-lionesses-grow-a-mane-and-start-acting-like-males/
Zine, ayiyodwa, izinhlobo zendlulamithi
Izwekazi i-Afrika lihlotshiswe izilwane zasendle ezingatholakazi kwezinye izindawo, njengayo indlulamithi ebesicabanga ukuthi sazi konke ngayo. Selokhu kwaqalwa ukuqoshwa ngazo phansi izindlulamithi, bekwaziwa ukuthi kunhlobo eyodwa, kodwa ososayensi sebethole ukuthi empeleni zine.
Lokhu kutholakale emva kokuthi ososayensi bacwaninge ufuzo (DNA) lwezindlulamithi ezitholakala kusukela enyakatho ye-Afrika kuzo kuyofika eningizimu, bathola ukuthi zihlukana kube yizinhlobo (species) ezine.