Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki – 07 kuMasingane 2018

Isilwane esithusayo sasiphila eNingizimu Afrika emandulo Awucabange nje amazinyo afana nemimese, egcwele umlomo wesilwane esingangebhasi, simi phambi kwakho – isilwane esifana nenyoni enemilenze emide nomsila ofana nowengwenya. Ukuba wawuphila ngezikhathi sasemandulo esidlula iminyaka engama-200 izinkulungwane zezinkulungwane (200 000 000), ubungahlangana naso lesi silwane esithusayo. Ososayensi abacwaninga amathambo ezilwane zasemandulo sebethole izinyathelo ezashiwa ilezi zilwane ezibizwa…