Ukusetshenziswa kwemishini ecabangayo nokuphepha komphakathi

Ukusetshenziswa kwamishini ecabangayo kuya ngokuya kukhula njengoba amandla wamakhomputha endlondlobala. Lokhu sekwenza ososayensi bacabange kabanzi ngekusasa kokuphepha komphakathi. Ingakho kuhlangane osolwazi abasuka emazweni ase-Europe abahlangane kukhomfa we-ESOF2018 e-Toulouse, a-France kuNtulikazi walonyaka. Umshayeli wemoto waziwa njengomuntu emthethweni ovumelekile ukuthi aqhube izinhlobo eziningi zezinqola. Lokhu kubekwa emthethweni ukuthi kubekhona okwaziwayo ukuthi ungumshayeli kwenzelwa ukuthi uma kukhona okwenzakalayo…

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki – 07 kuMasingane 2018

Isilwane esithusayo sasiphila eNingizimu Afrika emandulo Awucabange nje amazinyo afana nemimese, egcwele umlomo wesilwane esingangebhasi, simi phambi kwakho – isilwane esifana nenyoni enemilenze emide nomsila ofana nowengwenya. Ukuba wawuphila ngezikhathi sasemandulo esidlula iminyaka engama-200 izinkulungwane zezinkulungwane (200 000 000), ubungahlangana naso lesi silwane esithusayo. Ososayensi abacwaninga amathambo ezilwane zasemandulo sebethole izinyathelo ezashiwa ilezi zilwane ezibizwa…