#ShisaSayensi Space & Astronomy

I-MeerKAT Ithola Obekungaziwa eMkhathini

Enye yama-dish enza umshini oyi-MeerKAT
Enye yama-dish enza umshini oyi-MeerKAT

UMSHINI wokucwaninga izinkanyezi ozoba omkhulu kunayo yonke emhlabeni uvulwe ngokomthetho esifundazweni se-Northern Cape ngoMgqibelo odlule. Lomshini wakhiwa abacwaningi nonjiniyela bakhona la eNingizimu Afrika.

Ukuvulwa kwalomshini kuhambisane nomcimbi obukade unalabo bezindaba kanye nongqongqoshe abaningi. Lomshini osebenzisa amagagasi omsakazo ukucwaninga umkhathi uzoba nezindishi ezingama-64 kodwa okwamanje zisawu-16.

Izindishi lezi zibukeka ziphinde zisebenze njengalezi ezitholakala ezindlini ezinenhlanhla yokuba ne-DStv. Lezi zindishi ezimhlophe zalomshini ocwaninga umkhathi zihluke ngokuthi zinamandla amakhulu ukudlula lezi ezijwayelekile ziphinde zibe nkulu ngobude nesisindo.

Lomshini obizwa nge-MeerKAT uletha amathuba amaningi ezweni ngokwezesayensi nobunjiniyela, ngokusho kukaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe uNaledi Pandor.

Usosayensi omkhulu, uDkt u- Fernando Camilo, ophethe uhlelo olubizwa nge-SKA okuyilona olwakha lomkshini uchaze ngosekwenziwe ngalomshini osakhiwa khona e-Karroo. Ngokusho kwakhe, lomshini usuwenze umsebenzi oncomeka kakhulu yize kuse kude ukuthi uqediwe ukwakhiwa.

UCamilo usebenzise izithombe ukutshengisa ucwaningo oselwenziwe ngawo umshini njengezinkanyezi nokunye okutholaka emkhathini okungakaze kutholakale noma kucwaningwe ngeminye imishini esebenza njenge-MeerKAT emhlabeni jikelele.

Omunye obekhona kuwo lomcimbi inkosazana engu-Janethan De Klerk ongumfundi owathola umfundaze we-SKA ukuba enze izimfundo zeSayensi eNyuvesi yase-Free State. Ekhuluma uthe lenhlangano isilethe ushintsho endaweni yangakubo enganawo amathuba emfundo nemisebenzi.

U-De Clerk waqhubeka ngokuthi yena ufuna ukuba uMcwaningi woMkhathi wokuqala oqhamuka e-Karroo.

Uhlale ubhekile iShisa SAyensi njengoba ngokuhamba kweviki uzothola ezinye izindaba mayelana nocwaningo elenziwa ngalomshini kanye nalabo abasebenza ngawo.

Related posts

Plans for Africa-led mission to the moon

Sarah Wild

Rugby in die ruimte

Engela Duvenage

Mitologie en wetenskap vat hande

Elsabé Brits

The sounds of time

Anina Mumm

The Science Inside #13: How dogs rescue people

AdminBraai

Obituary: Mike Gaylard: Radio astronomy has lost a star

Sarah Wild