Ososayensi bathole isilwane sasemandulo esandisa umlando wohlu lwezilwane

Asikho isilwane esiphilayo emhlabeni owomile esidlula ububanzi bendlovu. Enye yezinto ezenza ukuthi indlovu ikwazi ukukhula ibe isisindo nobubanzi obudlula zonke ezinye izilwane esiqiwini ukwakheka kwemilenze yayo. Imilenze yendlovu inamadolo abheke phambili nasemumva, kodwa ayi emaceleni njengamadolo ezingwenya. Imilenze yendlovu iqondile uma uyibheka ngaphambili kanye nasemumva ukuze ikwazi ukuthwala isisindo sayo. Lolulwazi lwezilwane eziphilayo namuhlanje lutshela…