#ShisaSayensi

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki 17 uMasingane 2017

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi!

Weed_640Insangu nokusetshenziswa ukwelapha

Umnyango wezeMpilo usuqalile nezinhlelo ezingenza ukuthi insangu icwaningwe ososayensi baseNingizimu Afrika ukuze kuzotholakala amakhemikhali angelapha izifo eziningi. Okwamanje ososayensi abakakwazi ukuthola ukuthi yini engenza insangu ibe ngcono ekulapheni izifo okufana nezinhlungu kanye nomdlavuza.

Lokhu kutholakale kucwaningo olwenziwe ososayensi abase Harvard University. Lolucwaningo lulandela olunye olusho okufanayo elakhishwa ososayensi base University of Bristol.

Abantu bancamela ukuqamba amanga kumaphoyisaWine_Expo_2014_1

Ucwaningo olwenziwe u Dkt. Sazelo Mkhize esebenzisana no Dkt. Jéan Steyn lutshengisa ukuthi abantu bakhetha ukuqamba amanga uma bekhuluma namaphoyisa. Abacwaningi bakuthole lokhu emva kokuba becwaninge amaphoyisa anesipiliyoni esidlula imiyanga eyishumi.

Nogokusho kwalamaphoyisa omthetho, iningi lawo asuka esifundazweni seKwaZulu-Natal, batshengise ukuthi abantu abaningi ngaphezu kokuqamba amanga banokuthi babe ngamasela uma becabanga ukuthi angeke bebanjwe.

Abacwaningi bayavuma kodwa ukuthi kusakuningi ukucwanginga okudinga ukwenziwa ukuze iqiniso lizobonakala kahle nokuthi amaphoyisa asebenza kanjani.

Small_intestine_dissectionKutholakale isitho somzimba esisha

Izitho zomzimba zinamagama azo esintu njengoba zinamagama esilungu. Ososayensi base University of Limerick sebethole abacabanga ukuthi isitho somzimba esingakaze zibhalwe njengesitho somzimba esizimele.

Lesisitho esisha sitholakala kuwo wonke umuntu ngasemathunjeni. Ngokusho kwalaba ososayensi lesisitho abasibiza nge-mesentery sisaskhumba esibamba amathumbu emzimbeni siphinde sihambise umsoco kuwo.

Related posts

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki 07 July 2016

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 30 uLwezi 2016

Sibusiso Biyela

I-MeerKAT Ithola Obekungaziwa eMkhathini

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki – 07 kuMasingane 2018

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (21 June 16)

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (30 June 2016)

Sibusiso Biyela