#ShisaSayensi Agriculture

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 25 October 2016

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi!

cow-759018_960_720Yavelaphi imfuyo egcwele eningizimu ye-Afrika

Iningi lethu alithathi isikhathi sokucabanga ukuthi lemfuyo esiyibona emakhaya njengezimbuzi nezinkomo ukuthi ziqhamuka kephi. Esifundiswa khona ukuthi yonke imfuyo idaliwe yaba kulesi simo esikuyo kumanje nakulendawo ekuyo kumanje. Ucwaningo oluningi luyaphikisana nalokhu kucabanga njengoba umlando utshengisa ukuthi imfuyo yethu isuka emazweni asenyakatho.

Isazi u Karim Sadr waseNyuvesi yaseWitwatersrand egoli uhlanganise umbiko obala imicwaningo eminingi ekhomba imvelaphi yemfuyo yethu emazansi ezwekazi le-Africa. Ngokusho kwalombiko, kuyaziwa ukuthi imfuyo efana nezimvu, izimbuzi kanye nezinkomo kwasungulwa ezwenikazi lase-Asia elisinyakatho kwe-Afrika.

Umbiko uyaqhubeka uchaze indlela eziningi abacwaningi bezesayensi kanye nomlando wabantu abacabanga ukuthi imfuyo yafika ngayo kulendawo emhlabeni. Imicwaningo yonke icishe ivumelane ukuthi abantu bokuqala abafuya izimvu nezinkomo eNingizimu Afrika amaKhoyi-Khoyi kwasekulandela amaNguni njengamaZulu.

Umthombo:

https://theconversation.com/the-story-of-how-livestock-made-its-way-to-southern-africa-64256

 

Related posts

In search of a true Karoo chop test

Engela Duvenage

Garagiste-wynmakers se “pa”

Engela Duvenage

Bushmen cure-all offers locals a sustainable income

Sarah Wild

I-MeerKAT Ithola Obekungaziwa eMkhathini

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi: Bacwaninga izakhi zofuzo lwenkomo ukuqeda indlala

Sibusiso Biyela

Drink a toast to the wine boffins

Sarah Wild