#ShisaSayensi Agriculture

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 25 October 2016

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi!

cow-759018_960_720Yavelaphi imfuyo egcwele eningizimu ye-Afrika

Iningi lethu alithathi isikhathi sokucabanga ukuthi lemfuyo esiyibona emakhaya njengezimbuzi nezinkomo ukuthi ziqhamuka kephi. Esifundiswa khona ukuthi yonke imfuyo idaliwe yaba kulesi simo esikuyo kumanje nakulendawo ekuyo kumanje. Ucwaningo oluningi luyaphikisana nalokhu kucabanga njengoba umlando utshengisa ukuthi imfuyo yethu isuka emazweni asenyakatho.

Isazi u Karim Sadr waseNyuvesi yaseWitwatersrand egoli uhlanganise umbiko obala imicwaningo eminingi ekhomba imvelaphi yemfuyo yethu emazansi ezwekazi le-Africa. Ngokusho kwalombiko, kuyaziwa ukuthi imfuyo efana nezimvu, izimbuzi kanye nezinkomo kwasungulwa ezwenikazi lase-Asia elisinyakatho kwe-Afrika.

Umbiko uyaqhubeka uchaze indlela eziningi abacwaningi bezesayensi kanye nomlando wabantu abacabanga ukuthi imfuyo yafika ngayo kulendawo emhlabeni. Imicwaningo yonke icishe ivumelane ukuthi abantu bokuqala abafuya izimvu nezinkomo eNingizimu Afrika amaKhoyi-Khoyi kwasekulandela amaNguni njengamaZulu.

Umthombo:

https://theconversation.com/the-story-of-how-livestock-made-its-way-to-southern-africa-64256

 

Related posts

Putting mealie pap under the spotlight

AdminBraai

Van musiek tot melkstalle

Engela Duvenage

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 30 uLwezi 2016

Sibusiso Biyela

SA Akademieprys vir student se navorsing oor melkkoeivoeding

Engela Duvenage

Sunblock for your apples, anyone?

Engela Duvenage

In search of a true Karoo chop test

Engela Duvenage