#ShisaSayensi

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 20 October 2016

Nazi ezihamba phambili ezeSayensi eNingizimu Afrikha kuleliviki. Shisa Sayensi!

Ayilahlwe yonke isayensi: kusho owesifazane efuna emfundo eguqukile

Kusukela kuqale imibhikisho yezimali yabafundi basemanyuvesi isivuse inkulumo mayelana nenhlobo yemfundo ekhishwayo kulezi zikhungo. Inhloso yalezi zinkulumo ukutshengisa ukuthi imfundo, okubalwa kuyo izimfundo zesayensi, yenzelwe abaphesheya kwezilandle, emazweni asempumalanga.

Lokhu kungajabuli ngalemfundo kubonakale kokuqoshiwe owesifazane wasenyuvesi yaseKapa ethi isayensi eyasemazweni asempumalanga. Owesifazane lo, ongayena usosayansi nongayifundi isayensi, ukusho lokhu ethi isayensi ihluleka ukuchaza izinto zesintu, waze wabala nokuthi abantu baseMhlabuyalingana bakwazi ukuthumela izulu, kodwa isayensi ayikaze ikuchaze ukuthi kwenzeka kanjani lokho.

 

2445834794_51010f13b9_oKutholakale abantwana abakwazi ukusinda kwingculazi, ucwaningo

Ucwaningo obelenziwa ososayensi base-Oxford bathole ukuthi ishumi ekhulwini labantwana abathola igcikwane lesandulela ngculazi akwenzeki kubona ukuthi igcikwane ligcine libe yisifo ingculazi. Ngokujwayelekile, uma umntwana ezalwa esenalo igcikwane lesandulela ngculazi egazi, leyo ngane ayiyiboni iminyaka emibili emhlabeni.

Kuxake abacwaningi bebathola abantwana abayidlulayo leminyaka bephinde bephile kahle kuze kube sengathi abanalo leligcikwane, yize izivivinyo zitshengisa ukugcwala kwegcikwane egazini. Ososayensi bafuna ukwazi kabanzi ukuthi abantwana laba benza kanjani ukungaguli ukuze ososayensi bezozama ukuqhamuka nekhambi elingenza kanje kwabadala nabanye abantwana.

 

Umdlavuza webele: Wazi kangakanani ngalesi sifo8183900301_f872699eea_k

News24 – Inyanga yokuqwashiswa komphakathi ngomdlavuza webele siyivula ngomcimbini ohlelwe abe-Reach for Recovery eBotanical Gardens eThekwini. Le nhlangano isebenzela ukweseka kanye nokukhuthaza abanalesi sifo, ababenaso kanye nalabo abanezihlobo ezinalesi sifo.

Kulo mcimbi bekuhlanganyele imbokodo kanye nabesilisa bekhuluma ngezimo abadlule kuzo ngalesi sifo. Kule nyanga, sizoxhumana nezinhlangano kanye nabantu abahlukahlukene abanolwazi olungaba wusizo kuwena uma unalesi sifo, futhi ufunde nezindlela zokuzihlolela lesi sifo kanye nokweseka labo abanaso.

 

Related posts

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 27 September 2016

Sibusiso Biyela

I-MeerKAT Ithola Obekungaziwa eMkhathini

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yangeviki 17 uMasingane 2017

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 25 October 2016

Sibusiso Biyela

Ososayensi bathole isilwane sasemandulo esandisa umlando wohlu lwezilwane

Sibusiso Biyela

Shisa Sayensi- Isayensi yeviki 30 uLwezi 2016

Sibusiso Biyela