A herd of Nguni cows in an enclosure
#ShisaSayensi Agriculture Animal Science Biology & Evolution

Shisa Sayensi: Bacwaninga izakhi zofuzo lwenkomo ukuqeda indlala

Iningizimu Afrika inomlando omude ophathelene nezinhlobo zezinkomo. Lomlando ubhalwe ezakheni zofuzo lwezinkomo okubalwa kuzo iNguni, iPedi, iAfrikaner kanye ne Bonsmara.

A herd of Nguni cows in an enclosure
A herd of Nguni cows in a kraal

Ososayensi basebenzisa ubuchwepheshe ukufunda umbhalo wezakhi zofuzo ukuze bakwazi ukuthola ukuthi izinkomo zanamuhla zisuka’phi, bathole nokuthi iziphi izinkomba ezithandekayo kubafuyi. USolwazi Este van Marle-Koster, ongusosayensi wezolimo enNyuvesi yasePitoli, uhola ucwaningo oluzo qopha umlando nolwazi ngezinkomo zase Ningizimu Afrika.

U- Van Marle-Koster ufuna ukwazi ukuthi iziphi izinhlobo zezinkomo ezahlanganiswa ukuze sithole izinhlobo okubalwa kuzo iNguni, nokuthi iziphi izinkomba ezenza ukuthi lezi zinkomo zikwazi ukudlondlobala endaweni eshisayo. Lolucwaningo luzotshengisa ososayensi izinkomba ezihambisana nezakhi zofuzo, ezenza inkomo ikhule ngamandla, noma ikhiqize ubisi oluningi.

Ulwazi oluzotholakala kulolucwaningo luzosiza abafuyi bathole izindlela ezintsha, ezingcono zokuqoka izinkomo ezithize ukuze kwande ukudla eNingizimu Afrika kuqedwe nendlala.

Umthombo: UP research: The history and genetics of our famous Nguni cattle can help conserve them

Related posts

A rethink about giraffes

Engela Duvenage

Renosters se weefsel só bewaar

Elsabé Brits

Biltong research on a tropical island

Engela Duvenage

Putting mealie pap under the spotlight

AdminBraai

Species without boundaries: a new way to map our origins

AdminBraai

Tukkie vind uit: Volstruise kan nie proe nie

Elsabé Brits