A herd of Nguni cows in an enclosure
#ShisaSayensi Agriculture Animal Science Biology & Evolution

Shisa Sayensi: Bacwaninga izakhi zofuzo lwenkomo ukuqeda indlala

Iningizimu Afrika inomlando omude ophathelene nezinhlobo zezinkomo. Lomlando ubhalwe ezakheni zofuzo lwezinkomo okubalwa kuzo iNguni, iPedi, iAfrikaner kanye ne Bonsmara.

A herd of Nguni cows in an enclosure
A herd of Nguni cows in a kraal

Ososayensi basebenzisa ubuchwepheshe ukufunda umbhalo wezakhi zofuzo ukuze bakwazi ukuthola ukuthi izinkomo zanamuhla zisuka’phi, bathole nokuthi iziphi izinkomba ezithandekayo kubafuyi. USolwazi Este van Marle-Koster, ongusosayensi wezolimo enNyuvesi yasePitoli, uhola ucwaningo oluzo qopha umlando nolwazi ngezinkomo zase Ningizimu Afrika.

U- Van Marle-Koster ufuna ukwazi ukuthi iziphi izinhlobo zezinkomo ezahlanganiswa ukuze sithole izinhlobo okubalwa kuzo iNguni, nokuthi iziphi izinkomba ezenza ukuthi lezi zinkomo zikwazi ukudlondlobala endaweni eshisayo. Lolucwaningo luzotshengisa ososayensi izinkomba ezihambisana nezakhi zofuzo, ezenza inkomo ikhule ngamandla, noma ikhiqize ubisi oluningi.

Ulwazi oluzotholakala kulolucwaningo luzosiza abafuyi bathole izindlela ezintsha, ezingcono zokuqoka izinkomo ezithize ukuze kwande ukudla eNingizimu Afrika kuqedwe nendlala.

Umthombo: UP research: The history and genetics of our famous Nguni cattle can help conserve them

Related posts

New puff adder behaviour uncovered: it uses two ways to entice its prey

AdminBraai

Namakwaland toe met ‘n Wellingtonse kinkel

Engela Duvenage

A rethink about giraffes

Engela Duvenage

Wat ‘n muishondwyfie se handstand alles verklap

Engela Duvenage

Ososayensi bathole isilwane sasemandulo esandisa umlando wohlu lwezilwane

Sibusiso Biyela

Magnet barriers could save sharks

Sarah Wild