#ShisaSayensi Agriculture Space & Astronomy

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (21 June 16)

Nansi isayensi yeviki esuka eNingizimu Afrikha kanye nomhlaba wonke.

Izambane kumele libukwe njengesitshalo esiyisimanga

Izambane libukeka njengesitshalo esejwayelekile kubantu abaningi. Ungaze ungakuboni ukubaluleka kwalo uma ungenalo ulwazi ngomsoco ogcwele kulo.

Ososayensi baseNyuvesi yasePitoli benze ucwaningo ngezinhlobo ezahlukene bathola ukuthi amazambane anomsoco ukudlula izitshalo eziningi ezitholakala eNingizimu Afrikha. Uthi ubuwazi ukuthi iNingizimu Afrikha inezinhlobo zamazambane ezingama-80?

http://www.up.ac.za/en/news/post_2296576-potatoes-deserve-to-be-a-part-of-the-super-food-family

 

Abantu besifazane abansundu kumkhakha wezeSayensi
Abantu besifazane abansundu eNingizimu Afrikha yibona abaningi kakhulu. Nakuba kunjalo kodwa lokhu kuyahluka uma sekufika esibalweni salabo abasemkhakheni wezeSayensi emaNyuvesi emanyuvesi ezwe lonke jikelele njengoba kuyibona abancane kakhulu kulomkhakha.
Ucwaningo olwenziwe i-National Survey of Research and Experimental Development lutshengisa ukuthi bancane kakhulu abacwaningi nososayensi abangabantu besifazane abansundu. Lokhu kuphambana nemizamo kahulumeni yokuvula amathuba okwandisa isibalo sabantu abansundu kulemikhakha ebalulekile.

http://city-press.news24.com/News/exceptional-women-are-being-undervalued-20160620

Umhlaba usunenye inyanga
Uma ubuka isibhakabhaka ebusuku, maningi amathuba okuthi ubone inyanga ikhanyiswa ilanga selishonile. Ososayensi benhlangano ye-NASA sebethole okunye okungabizwa ngenyanga okuhamba emkhathini eduzane nomhlaba esihlala kuwo.
Lelitshe elibizwa nge 2016 HO3 selibekhona eduze komhlaba iminyaka eyevile kweyi-100. Eminye imihambi (planet) ezungeza ilanga njengomhlaba inezinyanga eziningi ukudlula umhlaba esikuwo, okungabalwa umhambi (planet) obizwa nge-Jupiter nonezinyanga ezevile kwezingama-64.

http://www.jpl.nasa.gov/news/news.php?feature=6537

Ungakhohlwa ukwabelana nakwabanye.

Related posts

An off-world adventure: inside SA’s space agency

AdminBraai

Downward spiral of Africa’s dying vultures

Sarah Wild

Banking on SA’s livestock genes

Engela Duvenage

Shisa Sayensi: Isayensi yeviki (30 June 2016)

Sibusiso Biyela

The Science Inside the Nepal Earthquake

The Science Inside

A few shortcuts to the latest Homo naledi news

Engela Duvenage