Ukusetshenziswa kwamishini ecabangayo kuya ngokuya kukhula njengoba amandla wamakhomputha endlondlobala. Lokhu sekwenza ososayensi bacabange kabanzi ngekusasa kokuphepha komphakathi. Ingakho kuhlangane osolwazi abasuka emazweni ase-Europe abahlangane kukhomfa we-ESOF2018 e-Toulouse, a-France kuNtulikazi walonyaka.
Umshayeli wemoto waziwa njengomuntu emthethweni ovumelekile ukuthi aqhube izinhlobo eziningi zezinqola. Lokhu kubekwa emthethweni ukuthi kubekhona okwaziwayo ukuthi ungumshayeli kwenzelwa ukuthi uma kukhona okwenzakalayo okunjengengozi, kwaziwe ukuthi kudalwe ubani, nokuthi ubani ozojeziselwa ingozi noma iphutha elenzekile.
Njengoba sekukhona izimoto ezishayelwa imishini ecabangayo, kuvuka umbuzo othi “ubani ojeziswayo uma kudaleka ingozi?” Lo neminye imibuzo ibikade icwaningwa ososayensi abasebenza ngayo lemishini kumhlangano obukhuluma ngezenkambo zokusebenzisa imishini ecabangayo.
U-Ebru Dogan osuka eNyuvesi yase-Groningen ezweni lase-Netherlands uthi awukho umshini ocabangayo osebenza kahle ngayo yonke indlela – iphutha lizokwenzeka. Uthi imibhalo eyalela ukusebenza kwemishini ecabangayo kumele ingagcini ukubonwa ososayensi abayi nani elincane kuphela kodwa kufanele umphakathi wazi ukuthi lemishini iyalelwe ukuthi isebenze kanjani ezikhathini lapho kwenzeka khona ingozi.
U-Dogan uthi kuzothatha isikhathi eside ukukhishwa kwemibhalo eyalela imishini ecabangayo kodwa kubalulekile ukuthi kwenzeke lokhu ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi owaziyo ukuthi lemishini isebenza kanjani, kanti futhi umphakathi ungakwazi ukuthi ufake isandla ekubhalweni kwalemiyalelo.
U-Maaike Harbers weNyuvesi yezeSayensi yase-Rotterdam uthe kumele uma kuqanjwa okuzokwenziwa ngemishini ecabangayo ukuthi kuphathwe njengokufuya inja. Umnikazi wenja uyena obekwa icala ngokwenziwa isilwane sakhe, ngakho ke umnikazi womshini ocabangayo uyena oba necala uma kukhona okwenziwa ilomshini, njengokufa komuntu engozini yemoto ebishayelwa umshini ocabangayo.
U-Harbers uthi ngesikhathi sokwakhiwa kwalomshini kufanele ukuthi umnikazi wemoto eshayelwa ilomshini akwazi ukuthi athathe kushayele yena uma kudingeka ukuze akwazi ukugwema ingozi uma eyibona, ukuze uma engakwazanga, kwaziwe ukuthi uyena ohlulekile. Uthi kufanele ukuthi umnikazi wemoto nomshini azi kahle, afundiswe ukuthi umshini usebenza kanjani ukuze angeke agcine ngokuthemba nje ukuthi umshini uzozibonela wona.
Kuyacaca ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzodingeka ukuthi uhulumeni, umphakathi, kanye nososayensi basebenze ndawonye ukufunda ukuthi isebenza kanjani imishini ecabangayo nokuthi sifuna ukuthi yenze ini kahle kahle lemishini. Okwamanje abantu abaziyo ukuthi lemishini isebenza kanjani ososayensi nonjiniyela ababhala imiyalelo efihlekile emehlweni ethu sonke – lokhu kufanele kuguquke.
Umbiko wenziwe ngu Sibusiso Biyela e-Toulouse, ezweni lase-France.